Ukushayela ngesivinini esingaphezulu kwaleso esibekwe ebhodini lomgwaqo kuyisizathu sokushayisana kwezimoto okungaphezu kwama phesenti angu 50 okuphetha ekulimaleni kakhulu noma ukufa e Ningizimu AfrikaDriving.
Ukujaha kuyingozi ngoba kwenza konke ukushayela kube yingozi ngokwedlulele. Uma ujaha, kwenza kube nzima ukumisa imoto yakho noma ukuyithiba. Uba nesikhathi esincane ukwenza okuthile lapho uhlangabezana nesimo esibucayi.
Imikhawulo yesivinini yenziwe ngokwe sakhiwo nesiminyaminya somgwaqo. Imigwaqo yasemadolobheni, lapho kunesiminyaminya esikhulu, inezikhawulo ezincane kunemigwaqo yasemaphandleni enesiminyaminya esincane. Imigwaqo eseduze nasezikoleni nakwezinye izindawo lapho kunabantu abaningi abahamba ngezinyawo nayo kuyenzeka ibe nemikhawulo emincane yesivinini efakwe emigwaqweni.
Abahamba ngezinyawo: Hlala uqaphe abahamba ngezinyawo.
Izikhathi zesi minyaminya: Yehlisa isivinini futhi uqaphele. Iphutha lobuntu yiyona ngqikithi yokushayisana kwezimoto okuningi.
Izulu elinayo: Uma umgwaqo umanzi, ibanga lokuma liyakhula. Isivinini kumele sehliswe kakhulu.
Isimo sezulu esinenkungu nokushayela ebesuku: Yehlisa isivinini uma kungabonakali kahle. Khumbula ukukhanyisa amalambu akusihlwa, hhayi amalambu okumisa imoto kuphela.
Isimo esibi semgwaqo: Ukwakhwa komgwaqo nemigwaqo emibi kunciphisa izinga lokuphepha. Bhekela izindawo eziyingozi emgaqweni.
Ukujaha kuyingozi ngisho nasemigwaqweni emihle futhi ephephe ngokuphelele. Umshayeli ojahayo uphazamisa ukuhamba kwezimoto futhi angase abeke ezinye izimoto engozini. UMTHETHO AWUVUMELI NOMA YIKUPHI UKUBEKEZELELA ISI VININI ESINGAPHEZU KWALESO ESIFAKIWE.
Umkhawulo wotshwala egazini lo mshayeli ngu 0,05 g/100 ml. Noma ngabe uhloleka ngaphansi komkhawulo, kepha, Ungase wethweswe icala lokushayela uphuzile uma kungaba nobufakazi bokuthi utshwala obuphuzile buyakwehlula. Ngakho ke, kungcono ukuzithathela umthetho omuhle: Umgalinge ushayele uphuzile!!
Utshwala buthikameza konke ukusebenza okudingekayo ukuze ushayele ngokuphepha.
Kuthikameza ukuqaphela, ukuhlola, ukubona, ukuzinda, ukuzwa, ukucophelela kwakho nesikhathi sokwenza okuthile. Angeke ukwazi ukubamba imoto yakho kahle.
Utshwala lukwenza uzizwe ungenza noma yini futi ungaqapheli.
Ungalahlekelwa yimpilo yakho, noma ubulale okanye ulimaze abanye abasebenzisi bemigwaqo.
Ungahlawuliswa imali engase ibe ngu R24 000 NOMA ubhekane neminyaka eyisi shiyagalombili ejele.
Ilayisense yakho ingamiswa izinyanga ezintathu uma uphula umthetho okokuqala, Unyaka ngokwesibili bese kuba iminyaka emihlanu ngokwesithathu.
Sekuhlangene, isivinini notshwala yinhlanganisela ebulalayo. Musa ukushayela uphuzile.
